Izidakamizwa zinomthelela omubi emphakathini esiphila kuwona umuntu osebenzisa izidakamizwa uhlale edinga imali ngenxa yokuthi kumele ahlale ezisebenzisa, lokho okudala ukuthi atshontshe aqgekeze imizi yabantu abambe inkunzi lokho okubi kakhulu emphakathini, akupheleli lapho owenza izidakamizwa angaphazamisa ngisho inqgalasizinda ngokutshontsha amakhebula kagesi kucishe ugesi indawo yonke, abantu abadla izidakamizwa bayagwazana babulalane , babe nodlame emphakathini, abanye baze baxoshwe emakhaya abo babe ngondinga sithebeni.
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Grade 12 Matric whatsapp groups
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |